Makulungiswe izindawo zokuhlala abafundi e-UniZulu

Sayina isicelo sethu sokuba uNgqongqoshe wezemfundo ephakeme, uBlade Nzimande angenelele ekulungisweni kwezindawo ezihlala abafundi e-UniZulu

Isicelo sethu ukuthi abaphathi base-UniZulu kanye noBlade Nzimande balungise lezi zinkinga ukuqinisekisa ukuthi akekho umfundi osalayo :

  • Kulungiswe izindlu zokugezela, ezangasese, ompompi, ugesi, izicabha kanye namawindi:
  • Kufakwe amanzi ashisayo ezindlini zokugezela ;
  • Kufakwe izitofu kumakhishi abawasebenzisa bonke, ukuze abafundi bangaphekeli emagumbini okulala;
  • kufakwe ugesi emaphaseji;
  • Kufakwe amawindi aphephile kulungiswe nempahla yasendlini eyephukile emakamelweni abafundi;
  • Ukuqoqwa kukadoti okuhlelekile;
  • IWiFi esebenzayo

Bonke abafundi banelungelo lokuhlala endaweni efanelekileyo futhi enazo zonke izimfanelo.